| Intro | Muzikant uit Zuid-Afrika (1968-2017) |
| Was |
Musician Composer |
| From | South Africa |
| Type | Music |
| Gender | male |
| Birth | 8 November 1968, Meadowlands, South Africa |
| Death |
25 December 2017 (aged 49 years) |
| Star sign | Scorpio |
URobinson Malinga (08 kuLwezi 1968 – 25 kuZibandlela 2017) owayaziwa kakhulu ngegama lika Robbie wabe engumculi, umbhali wamaculo kanye nomdidiyeli womculo waseNingizimu Afrika. OkaMalinga waba negalelo elikhulu ekuthuthukiseni amakhono omculo kwiningi labaculi baseNingizimu Afrika okubalwa kubo uKabelo, Arthur Mafokate, uMzekezeke kanye nabanye abaningi. Isasasa lake elikhulu belisemculweni wohlobo lwe-Afro Pop lapho asebenzisana kakhulu noKelly Khumalo.
Isendlalela
URobbie Malinga wazalelwa elokishini laseMeadowlands, eSoweto. Uthando lomculo laqala esemcane lapho ayetikata khona ipiyano esontweni. Wayewutikata upiyano naye engazi ukuthi wenzani ekhipha imisindo engena shuni, kodwa wazitshela ukuthi uzogcina ekhiphe ishuni yakhe emangalisayo. Njalo ngamaSonto wazijweza ukudlala ipiyano lapho waze wagcina eyitholile ishuni ayakade eyifuna, lapha wagcina sekunguye umdlali wepiyano esontweni
Wafundela ukwenza umculo ekolishi laseRoodeport kanye nomngani wakhe uDJ Mahoota owaduma kwiTrompies. Wangena endimeni yomculo wekwaito ngonyaka we-1998 lapho akhipha khona ingoma iyaba yisisasa, esihloko esithi Insimbi. Okwathi uma kuhamba isikhathi wagxila ekudidiyeleni nasekuculeni umculo we-afro pop lapho aba negalelo elikhulu ekuthuthukeni kwalolu hlobo lomculo
Imisebenzi
URobbie Malinga endimeni yomculo wabe ehlela umculo, edidiyela umculo, ebhala umculo, aphinde abe ngumculi. Wabe aziwa ngekhono abe enalo lokuvundulula amakhono omculo kubaculi abasafufusa abathathe ababeke esicongweni. Wasungula inkampani yokuqopha umculo enegama elithi Robbie Malinga Entertainment.
Ama-alibhamu
- Sengaliwe (2001)
- Lilizela Mzansi (2006)
- Heavy Weight (2008)
- African Love Story (2010)
- The Duets (2016)
- Robbie Malinga (2017)
- Mr Serious (2016)
Izindondo
- 2016: Umdidiyeli ovelele wonyaka kuma-South African Music Awards (SAMA)
- 2015:Indondo kwama-SAMA yengoma evelele
- 2014: Wanqoba umcintiswano wezamakhwaya kwisizini yesibili (Clash of Choirs season 2).
Ukudlula emhlabeni
UMotshwa wadlula emhlabeni mhla zingama-25 kuZibandlela wezi-2017 emva kokuxinwa yisifo somdlavuza wegazi (anemia) Wafihlwa mhla zi-2 kuMasingana wezi-2018 Westpark eMathuneni eGoli. Washiya emhlabeni amadodana amabili kanye nonkosikazi wakhe u-Anne Malinga.