D.B.Z. Ntuli’s biography, fact, career, awards, net worth and life story

Intro South African writer
Is Writer
From South Africa
Type Literature
Gender male
Birth

1940

Age 81 years

Deuteronomy Bhekinkosi Zeblon Ntuli (08 kuNhlaba we-1940) owaziwa ngoD.B.Z Ntuli okuyisifinyezo samagama akhe womathathu kanye nesibongo sakhe. UNtuli ungumbhali wamanoveli, izincwadi kanye nezindaba ezimfushane waseNingizimu Afrika ubhala ngolimi lwesiZulu. UNtuli ungomunsye wababhali abanegalelo elikhulu ukuthuthukisweni ukufundwa kanye nokuhlewa kolumi lwesiZulu. Uphinde ahumushe izinwcwadi ezibhalwe ngolimi lwesiNgisi azihumushele esiZulwini, incwadi egqamile ayihumusha ile kaNelson Mandela, esihloko sithi Uhambo Olude Oluya eNkululekweni (Long Walk to Freedom). UNtuli ungomunye wabasunguli benhlangano yebabhali eyaziwa ngokuhti Usiba.

Isiqalo sempilo nemfundo

UNtuli wazalelwa endaweni yaseoGcotsheni Eshwowe enyakatho neKwaZulu-Natali. Wafunda imfundo yamabanga aphakeme esikoleni samkhatholika esiseMariannhill esaziwa ngokuthi iSt Francis College, lapho aqeda khona umatikuletsheni (ibanga le-12). Waphothula iziqu zakhe eNyuvesi yakwaZulu .

Umsbenzi

Ngenkathi eqeda kwethweswa iziqu zakhe waya kosebenza esiteshini sezkusakaza kwa-SABC lapho ayesebnza khona njengomdidiyeli kanye nomethuli weznhlelo zesiZulu. Lomsebenzi wawenza iminyaka emithathu. Emava kwalomsebenzi wathola umsebenzi eNyuvesi yaseNingizimu Afrika lapho ayezoba khona ngumfundisi eMnyangweni weZilimi zase-Afrika. Ngonyaka wezi-1978 wathweswa zizqu zobuDokotela weziNcwadi (D Litt Degree). wazithola khona eNyuvesi yaseNingizimu Afrika (UNISA). Waphinde waba yinhloko yomnyango omncane weziZulu khona e-UNISA lesi iskhundla asiphatha iminyaka engama-32 ngaphambi kokuthi athathe umhlalaphansi ngonyaka wezi-1999 .

UMPhemba wabhala izincwadi, ama-eseyi kanye nezindaba ezImfushane eziningi ezahlukahlukene. Usebhale washicilela zindaba kanye nama eseyi angama-16, eminye imisebenzi yakhe kubalwa izncwadi eziyi-10 kanye namaqoqo ezinkondlo aysisi-8. Kweminye imibhalo uphinde abhale ngokuhlanganyela eminye abe mgumhleli. Incwadi yakhe yokuqala esihloko sithi UBheka yashicilelwa eneminyaka engama-21 ngonyaka wezi-1962. Incwadi yakhe yesisbili, Ngiyoze Ngimthole yashicilelwa ngonyaka wezi-1970 .

UNtuli lapho aba khona negalelo elikhulu isezindabeni ezimfishane kanye nakuma-eseyi, nokho uphinde ahumushe imbihbalo eminingi ayiyise esisZulwini. imisebenzi yokuhumusha eqhamile kubalwa incwadi kaNelson Mandela i-Long Walk to Freedom wayiguqula yaba nesihloko esithi Uhambo Olunde Oluya eNkululekweni. Enye incwadi ayihumusha ileyo ka Kahil Gibran esihloko sithi The Prophet ayihumusha yaba nesihloko esithi UMphulpfethi.

Izindodo

Ngemisbenzi yakhe yemibhalo ehlukahlukene usahlabana izndondo ezingaphezu kwama-20. Izihlandla ezine zilandelalana, eminyakeni engama-20 usahlabana neNdondo iBW Vilakazi (BW Vikazi Award) okuyindondo yombhalo wesiZulu oseqophelweni eliphezulu. Lendondo wayeyehlabena khona izincwadi zakhe okubalwa kuzo: Imicibisholo kanye Izezizenze okuyizindaba ezimfishane kanye nama esesyi, Izimpande okungumlando wemibhalo yesiZulu, kanye nethi Imilando YakwaZulu okungumdlalo. Imibahlo eyithupa yezifundo zobudokela esibahliwe ngemisebenzi yakhe .

Imisebenzi [2][1]

  • 1962 – UBheka, Shuter and Shooter
  • 1970 – Ngiyoze Ngimtole, Educum
  • 1970 – Imicibisholo, Shuter and shooter
  • 1971 – Indandatho yesethembiso, Educum
  • 1978 – The Poetry of B.W Vilakazi, ePitoli: Van Schaik
  • 1978 – Uthingo lweNkosazana, Educum Publisher: eGoli
  • 1980 – Ugqozi 1, Van Schaik: ePitol
  • 1985 – Ngamafuphi: Izindaba Ezimfushane, De Jager-Haum Publishers: ePitoli
  • 1987 – Umtshingo, KwaZulu Booksellers: eThekwini
  • 1987 – Ingcamu, Shuter and Shooter
  • 1988 – Woza Nendlebe, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 1990 – Isicamelo: Izindaba Ezimfushane, Reac Out Publsihers: uMgungundlovu
  • 1991 – Lalela-ke: Imidlalo yomsakazo, Reach Out Publishers: uMgungundlovu
  • 1992 – Indoni Yamazi, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 1994 – Isibhakabhaka, Actua Press: ePitoli
  • 1996 – Amandl’ Esambane, Y Press: eThekwini
  • 1997 – Impilo Ingcono, Kagiso Media: ePitoli
  • 1998 – Yekantni Ulzuzenza, Kwela Books: eKapa
  • 2000 – Imilando yakwaZulu, UNISA Press: ePitoli
  • 2001 – Izinyembezi Zothando, Shutre and Shooter: uMgungundlovu
  • 2002 – Imibhalo ka D.B.Z Ntuli: Incwadi yokubonga, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 2002 – Ugqozi olumaphiko, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 2003 – Amadlelo aluhlaza, Shuter and Shooter: ePitoli
  • 2003 – Amaseko, Heinemann Publsihers (pty) ltd
  • 2006 – Ngingusosobala Mbatha, Shuter and Shooter, uMgungundlovu

Imithombo

You May Also Like

Chloe Ting’s net worth, biography, fact, career, awards and life story

Chloe Ting net worth: Chloe Ting is a Brunei Australian social media and fitness personality who has a net worth of $2 million. She is best known for her YouTube and TikTok channels. Chloe Ting was born in Brunei in April 1986. She moved to Australia when she was 16 years old. Ting worked as an actuarial analyst. She started her self-titled YouTube channel in 2011 and discussed fashion and travel before focusing on fitness in 2017. She posted the video “Get Abs in Two Weeks” in August 2019 and it went viral and now has more 200 million views. Chloe Ting has more than 13.5 million subscribers on YouTube and 2.5 million followers on Instagram. She gained notoriety in 2020 with her Two Wek Shred Challenge on TikTok. Chloe Ting was nominated for a 2020 Shorty Award for Health & Wellness (Creative & Media).
Read More